UBULLDOZER KUMVULELE AMATHUBA UKUBA USOZINYAMA

UBULLDOZER enengxoxo ekhethekile no-Umusa Media namuhla. ISITHOMBE: PHUMELELE DLAMINI
NOMCEBO NGEMA
UKUBA usozinyama kumvulele ithuba eliyingqayizivele lokuyoncintisana nabanye osozinyama emazweni aphesheya kwezilwandle.
UMaxwell Nxumalo odume kakhulu ngelikaBulldozer Da Champion, ungowokuzalwa KwaMhlabuyalingana, uveze ukuthi akukho okujabulisa njengokubona enza umehluko entsheni, ngesikhathi enengxoxo ekhethekile no-Umusa Media emahhovisi abo eThekwini.
UBulldozer uthi ukhule ezithanda ezemidlalo futhi eneqembu lebhola lomnqakiswano labesilisa nabesifazane.
Uthi akagcinanga lapho njengoba eke wadla umhlanganiso njengomsubathi ovelele eMkhanyakude.
“Ngike ngadlala nekarati, okuthe uma ngifika lapha eThekwini ngifuna ukuqhubeka nokujima, ngathola umsebenzi kwafanele ngibheke ekhaya ngangabe ngisakwazi ukuqhubeka. Ngibe sengijoyina abanye abafowethu ababejima, ngayithanda into abayenzayo ngibona sebenezigaxa emzimbeni. Nami ngazitshela ukuthi njengoba ngimncane kangaka shuthi nowami umzimba ungashintsha ngihlonipheke. Ngaqala nami ngajima ngonyaka ka-2014 ngingazi ukuthi ngenza ezemidlalo,” kusho uBulldozer.
Uthi ngonyaka ka-2022 waya eSpain wafike wenza kahle kakhulu. “Nangonyaka ka-2023 ngaya eDubai nakhona ngenza kahle kakhulu. Ngonyaka odlule bengise-South Arabia. Amazwe siwahamba njengawo wonke amaqembu ezemidlalo amele iNingizimu Afrika, Nathi sisuke simele izwe lethu ukuze kubonakale ukuthi nathi asibancinyana. Uma ujoyina lolu hlobo lwezemidlalo alufani nezinye ngoba lolu lunemicikilisho eminingi okubalwa inhlonipho, awudli noma yini, awuphuzi noma yini kanye nokunye. Lo mdlalo awugcinanga ngokungiyisa emazweni aphesheya kodwa luphinde lwangenza ngaba inxusa lakwa-Pro Nutrition kusukela ngonyaka ka-2019,” kuphetha uBulldozer.
