U-PITSO UTHI ANGAYITAKULA I-KAIZER CHIEFS ESIWUKUDLA KOCHATHO

INGQWELE yomqeqeshi yebhola elihlonishwayo e-Africa uPitso Mosimane, uthi engayitakula iKaizer Chiefs esiphenduke isinkwa senduku.
I-Kaizer isiphenduke inhlekisa ngisho kumaqembu ezitshudeni kuleli.
Belulukhulu obelulindelwe kwiChiefs kule sizini, njengoba yaqasha uNasredine Nabi ofike nedumela lokunqoba izicoco eTanzania nangakubo eTunisia.
Kubonakala kungayihambeli kahle, njengoba yehluleka ukubamba umgqigqo owodwa.
Njengoba kucaca ukuthi angeke iyifice iMamelodi Sundowns ebaleka mawala esicongweni neLigi, amathemba enjabulo kubalandeli bayo alele kwiNedbank Cup.
Izobhekana neSudowns kuma semi final maphakathi nenyanga. UMosimane, okumanje akanaqembu elimqashile njengoba ehlukane kabuhlungu ne-Esteghal yase-Iran, uveze ukuthi uyakulobizela ukuqeqesha iChiefs.
“Uma livela ithuba ngingalithatha ngiyiqeqeshe iCheifs, ngingawuyekelani umsebenzi ngingumqeqeshi weqophelo phela.” Kusho yena ohlelweni lwezemidlalo kuTV. Ubekhuluma kanje ngesikhathi evakashe i Stellenbosch FC, njengoba sizodlala neZamalek kwi quarterfinal yeCAF Confederations Cup neZamalek.
UMosimane umnkantshubomvu kwiCAF kwazise usekwazi ukunqoba indebe yeChampions League kabili ne-Al Ahly yase Egypt neSundowns.
