Uncategorised

UMBALI UBHIYOZELE EYEDIVOSI NO-BLACK COFFEE

UMBALI Mlotshwa bejabulela isehlukaniso. ISITHOMBE: INSTAGRAM

AYANDA PHOSWA

NGEMUVA kweminyaka eyi-6 ezama isehlukaniso uMbali Mlotshwa ongumlingisi nomyeni wakhe uBlack Coffee, sekuze kwafinyelela esiphethweni.

UMbali uzwakalise injabulo eveza ukuthi liphume nobovu, ezinkundleni zokuxhumana u-Instagram wakhe ethi bekuyindlela engelula yeminyaka nemfundise okuningi. “Namuhla nginomuzwa we njabulo. Ngokusemthethweni sengiyakwazi ukuthi nginguNksz Mlotshwa kugcwale umlomo,”kusho uMbali.

Uthi uNkulunkulu wendlale itafula futhi uyabonga kakhulu. “Indlela abasebenze ngayo abameli bangikhumbuze ubumina, ukubaluleka kwezingane zami. Nokukhumbuza ilungelo lawo wonke umuntu wesifazane waseNingizimu Afrika,” esho.

UMbali no Black Coffee baqale ukuhlukana ngezindlela ngonyaka we-2019 kanti babusiswe ngezingane ezimbili. Inkantolo yesehlukaniso ithathe isinqumo sokuthi uMbali uzothola uhhafu wezinto zonke.