Uncategorised

KUSHINTSHE UKUDLA EPULETINI NGO-MKHOSI WOMHLANGA

ZETHU PHOSWA

KUSHINTSHE ukudla epuletini ngesikhathi iSilo esibusayo simemezela ukuthi uMkhosi woMhlanga wakulo nyaka uyafuduka esigodlweni eNyokeni, amabombo abheke esigodlweni eMashobeni.
ISilo uMisuzulu kaZwelithini ukusho lokho ngesikhathi ekhuluma nabesifazane oNomehlo, kuMkhosi Wesivivane, obusesigodlweni eMaShobeni oqale ngoLwesihlanu ozophothulwa namuhla.
“Sihlale nohulumeni saxoxisana nangosikompilo. Imikhosi yonke yeSilo kufanele ibe sesegodlweni seSilo esibusayo eMashobeni,” kubeka iSilo uMisuzulu.
Sithi abantu bazojwayela eMashobeni ngoba kuphoqa usiko namkhosi asemandulo asikhomba khona, futhi lesi sigodlo sidala ngokwegama njengoba kuyisigodlo okwakuhlala kuso iNdlovukazi uNandi.
“INdlunkulu neNgonyama ayizange izisusele ekhanda kodwa kuphoqe isiko namakhosi amadala, njengoba lithi yonke imikhosi emikhulu kufanele yenzelwe esigodlweni seSilo esibusayo,” kubeka iNdlulamithi.
Kuzokhumbuleka ukuthi lo mkhosi wasungulwa iSilo uZwelithini kaBhekuzulu ngonyaka ka-1984, ngenhloso yokuthi kukhuliswe ingane yentombazane ngokurhi izigcine ivikeleke ekukhulelweni kwentsha nakubhubhane kwesandulela ngculaza nengculaza uqobo.