Uncategorised

ISASASA KWAMSANE KWEYE- ISUKILE

ANELE ZUMA

UKUZA kwemidlalo ewuchungechunge i-Isukile endaweni yaKwaMsane eMtubatuba, iveze ikhasi le zinga lokuthandwa kwezemidlalo kule ndawo.
Le midlalo ebiKwaMsane Sport Complex ye-Isukile okuhloswe ngayo ukuvumbulula amakhono nokuwathuthukisa, iveze uthando lwemidlalo ehlukahlukene kule ndawo.
Iphinde yaveza ukubambisana kwalo mphakathi ngokusebenzisa izingqalasizinda ngendlela efanele, nokubambisana kwabadlalu abasafufusa nasebethuthukile.
Umdlali we-rugby ovela KwaMsane uHonest Mntambo uyincone kakhulu le midlalo nakholelwa ekutheni isazokhiqiza abadlali abaphezulu.
Inkosi uMkhwanazi waseMpukunyoni uncome indlela intsha esondela ngayo ezintweni ezifana nomkhankaso we- Isukile ezizoyisiza “ukubona intsha engaphansi kwenkosi uMtubatuba ihlangene, ukuba nezingqungquthela ezifana nalokhu zisiza abantu ukuthi bahlangane bazilungisele ikusasa labo. Ukugqama kwamathalente abo nokucija amakhono. Lokhu kuzuzisa iNingizimu Afrika yonke, isize nabantu besifazane ukuze izimpilo zabo zihlale zilungile,” kubeka iNkosi Mkhwanazi.
UNgqongqoshe wezemiDlalo, ezobuCiko Namasiko uMnuz Mntomuhle Khawula uqinisekise ukuzibophezela kweKwaZulu-Natal ekukhuliseni ezemidlalo ezingeni labasafufusa kanye nokunikeza ithalente elincane amandla
Uthe kumhlabe umxhwele ukubona intsha izimisele ukubamba iqhaza kwimidlalo ehlukahlukene
“Sijabuliswa ukugcwala kwezinkundla zonke ebesizivulele loluhlelo namuhla,” kusho uKhawula