Uncategorised

ABAQULUSI BAGUBHE USUKU LWABESEBENZI BEZICISHAMLILO

IMEYA kaMasipala waBaQulusi uCllr Sifiso Mkhwanazi efisela abezicishamlilo usuku oluhle futhi ebabonga ngamagalelo abo. ISITHOMBE: ABAQULUSI MUNICIPALITY

NOMCEBO NGEMA

IMEYA kaMasipala waBaQulusi uCllr Sifiso Mkhwanazi igubhe usuku lwabasebenzi bezicishamlilo olugujwa umhlaba wonke namuhla.
“Lolu usuku lwenu olukhulu, ngiyabonga ukusebenza kwenu ngokuzikhandla nangaphansi kwezimo ezibucayi. Nibeka izimpilo zenu engcupheni ukusindisa abasuke besengozini, qhubekani nokwenza okuhle njalo niphephise izimpilo zabantu. Nibalulekile futhi asiyilutho ngaphandle kwenu,” kusho iMeya uCllr uMkhwanazi.
Uqhube wathi lo msebenzi abawenzayo ubucayi kakhulu, kodwa noma kunjalo akukho lapho ababizwa khona kunesimo esiphuthumayo ngaphansi kukaMasipala waBaQulusi bangafiki futhi bayaqinisekisa ukuthi bafika ngesikhathi.