Uncategorised

ISUKILE EBHEKUZULU NGOMGQIBELO

UMNYANGO wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal ihlele imidlalo, nezobuCiko KwaNongoma ngoMgqibelo.
ISITHOMBE: KZNDSAC

MALIBONGWE MAZIBUKO

UMNYANGO wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal oholwa uNgqongqoshe uMnuz Mntomuhle Khawula, uzosingatha uhlelo lwe-Isukile Integrated Sport and Arts Programme eKing Bhekuzulu High School, KwaNongoma, ngoMgqibelo zingama-30 kuNhlaba 2026.
Lo mcimbi, ozoqala ngo-09h00 kuze kube ngu-15h00, kulindeleke ukuthi uhlanganise intsha evela ezingxenyeni ezahlukene zesifunda saseZululand, okubalwa kuzo u-Ulundi, uPhongolo, eDumbe na-Abaqulusi, ngenhloso yokuthuthukisa amakhono nasekufukuleni ezemidlalo nezobuciko endaweni zasemakhaya.
Ngokusho komnyango uthi lolu hlelo kuhloswe ukukhombisa ukuthi ezemidlalo nobuciko kungasebenzisana, ukukhuthaza nokuthuthukisa intsha, kwakhe ubumbano emphakathini nesimilo esihle entsheni.
IKing Bhekuzulu High School, inothe kakhulu ngomlando obalulekile esizweni samaZulu, njengoba yaziwa ngokuthi ibifunda amakhosana kanye nezingane zabaholi bendabuko.
UNgqongqoshe uMnuz Mntomuhle Khawula ohola lolu hlelo, uthi luyingxenye yomkhankaso wesifundazwe wokuletha amathuba emiphakathini, nokuthuthukisa amakhono entsha asafufusa.
Imidlalo ezokuba khona ngalolu suku ihlanganisa ibhola lezinyawo,ithenisi, ichess, ama-aerobics, imidlalo yesintu efana nokhokho, ingqathu nomlabalaba, kanye nemidlalo yabantu abakhubazekile.
Ngasohlangothini lwezobuciko kuzobe kunezinhlelo zomdabu nezesimanje okubalwa kuzo ingoma yezinsizwa neyezintombi, umculo kaMaskandi, izinkondlo, nemidlalo yomculo weKwaito, Gqom neHip Hop. Kuzophinde kube nemincintiswano efana neBattle of the DJs kanye nomncintiswano womculo wezinhlobohlobo.
Ezinye zezinhlelo zosuku zizobandakanya ingxoxo ngokuvikelwa kwezingane, umbukiso womgwaqo nohambo lokuqwashisa emphakathini.
Amaqembu azokwenza kahle kakhulu kulindeleke ukuthi athole imiklomelo yemali, imfaniswano yezemidlalo, amathuluzi omculo kanye nezinye izikhuthazo, kanti ukungena kulo mcimbi kumahhala.