I-CHIEFS INQUNYELWE OKATIKI YI-SEKHUKHUNE

MABUNHLE MLABA
IKAIZER Chiefs seyiyalelwe iSekhukhune United ukuthi iyikhokhele uhhafu wesigidi okuyimali eyingxenye eyithole ngokudayisa ukapteni uYusuf Maart eqenjini laphesheya e-Austria iSportvereinigung Reid.
Kuthiwa iSekhukhune sesinqumele iChiefs ugwayi katiki wokuthi uma ingawukhokhi u20% izothathelwa izinyathelo zomthetho. Kuzokhumbuleka ukuthi leli qembu laseLimpopo ladayisela iChiefs uMaart ngemali ebalelwa kuR6 million ngo 2020. Kuthiwa kwavunyelwana ngokuthi uma iChiefs idayisa lo mdlali waseswini eqenjini laphesheya, komele ihlomule ngemali ewu 20% uma lo mdlali esanenkontileka nayo. Kuthiwa iChiefs idayise uMaart ngo €130 000 (obalelwa ku R2,6-million ngemali yakuleli) kanti abameli beSekhukhune babhalele iChiefs bebuza ngenani abadayise umdlali ngalo kodwa babaziba. Ngokophenyo lwabameli batholile ukuthi uMaart udayiswe ngamalini kanti ngokwesivumelwano samaqembu amabili kumele iChiefs ikhokhe uR536 000. Abameli sebenike iChiefs izinsuku eziyishumi ukuthi bayikhokhe lemali okungenjalo bazothathelwa izinyathelo zomthetho ngokucetshwa kwi-FIFA noma babizelwe eJoburg High Court. Ngokubika kweSunday World, izinhlangothi zeSekhukhune neChiefs zinqabile ukuphawula zathi udaba lwabo bobabili.
