UKUNONA KOMLANDO KASHENGE KUVELE OBALA

ZETHU PHOSWA no-ANELE ZUMA
UKUBA nomlando onothile eNingizimu Afrika nokuklame indima enkulu ekushintsheni izimpilo zabantu, kukaMntwana Mangosuthu Buthelezi, kuholele ekutheni uhulumeni waKwaZulu-Natal umhloniphe ngokuthi wenze iliba lakhe libe yifagugu.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli ekhuluma eMahlabathini Ondini ngesikhathi kunomcimbi, uthe lingelinganiswe iqhaza elabanjwa uMntwana Mangosuthu Buthelezi emlandweni waseNingizimu Afrika, ungumsunguli weqembu Inkatha Freedom Party.
‘Uma ukhuluma ngomlando waseNingizimu Afrika awukwazi ukushiywa uShenge ngaphandle. Ukwazile ukushintsha nokuphucula izimpilo zabantu ngezinto eziphathekayo. Esingabala ukwakhiwa kwezikole kusuka kwezamabanga aphansi nezakwangqondonkulu, ukwakhiwa kwezibhedlela ngisho ukwakhiwa kwebhange Ithala. Uwunothise kakhulu umlando, “ kusho uNtuli.
UMengameli we-IFP uMnuz Velenkosini Hlabisa utuse kakhulu UNdunankulu uNtuli nethimba lakhe, ukuthi bahloniphe uMntwana nokwenza iliba lakhe libe yifagugu.
