IZIMPISI ZILIMAZE ISIVAKASHI E-KZN

SIYABONGA PHAKADE
INHLANGANO ebhekelele ukongiwa kwemvelo ixwayise izivakashi ukuthi zihloniphe imithetho ukuze zizogwema izingozi njengoba izindawo zabo zinezilwane zasendle, kulandela isigameko sokulimala komunye wezivakashi elinyazwa izimpisi eCape Vidal enyakatho neKwaZulu-Natal.
Ngokombiko kuthiwa owesilisa oneminyaka eyi-27 obevakashele indawo iCape Vidal ngesonto eledlule weqiwa izinkambi zikaFaro wangalivalisisi itende ayelele kulona kuholele ekutheni abe yisisulu sezimpisi.
Le nhlangano ikhiphe istatimende ngokuhlanganyela ne-Ezemvelo Wildlife sokuzwelana nalo wesilisa osathola ukwelashwa esibhedlela futhi baxwayisa nangokuziphatha kulezi izindawo okusuke kunezilwane zasendle.
UMnuz Bheki Manzini we-Isimangaliso Wetland Park uthi bayafisa ukuthi abantu bazijabulise kodwa bekuqonde ukuthi indawo abasuke beyivakashele indawo enezilwane zasendle eziyingozi ngakho kumele beqikelele Uma beyakuzona.
Uthe baqhamuke nezinhlelo zokuqinisekisa ukuphepha ngenhloso yokugwema izigameko ezifuze lezi.
