OWADUMA KWI-CHIEFS ENGCUPHENI YOKUDLELWA UMUZI

UMBIKO: MABUNHLE MLABA
LOWO owaduma kwiKaizer Chiefs usengcupheni yokudlelwa isithabathaba somuzi ngenxa yesikweletu sikaR400,000.
U-Abia Nale (38) ubhekene nezinkinga zemali futhi kubikwa ukuthi umuzi wakhe kanokusho oseVanderbijlpark eGauteng ungase umlahlekele.
Ngokombiko weNews 24, usembangweni wezomthetho neStandard Bank mayelana nesikweletu esimhlulayo esingaphezu kuka-R400,000.
UNale wagqama esekwiChiefs esuka kuGolden Arrows ngo-2009. Usuke lapho wayodlala kwi-Ajax Cape Town, iMpumalanga Black Aces, iMaritzburg United, iPlatinum Stars neBizana Pondo Chiefs ngaphambi kokuyeka ukudlala.
Ngokwemibiko, lesi sikweletu sisukela kwi-overdraft ayithathe e-Standard Bank. Kuthiwa ngaphambilini uNale uvumile ukuthi uzokhokha u-R21 000 ngenyanga ukuze akhokhe le mali kodwa wehluleka wukukhokha. Ibhange libe seliqala inqubo yokuthi impahla yakhe esezingeni eliphezulu idayiswe ukuze kubuyiselwe imali esele.
