ISILO SICIMELISE IZINTOMBI

UNksz Mdluli obebongela izibtombi ebezicimela. IZITHOMBE : SPHA MBHELE
ZETHU PHOSWA
SIHLONIPHE izintombi ngokuzicimelisa ebezigida okokugcina kuMkhosi woMhlanga, iSilo uMisuzulu kaZwelithini.
Lezi zintombi ezingama-20 ziyithimba lokuqala ukuvaleliswa ngokuhlonipheka esigodlweni eMashobeni, lapho iSilo sizimbathise ngezingubo zokulala, ngenhloso yokuzibonga ngokuzigcina zize zithenjiswe umshado.
Baningi abashayele iNdlulamithi ihlombe ngaleli siko ebelenziwa phambilini lokucimela kwezintombi ezihlotsheni nasebuthweni lezintombi lapho zigadwa khona, bathi uyibuyisela ezimpandeni lokhu okuhle okuqalwe uBayede ngonyaka odlule.
UNksz Kwanele Thoza Mdluli waseTshelimnyama eThekwini obekhulumela izintombi unxuse izintombi ukuthi zibekezele futhi zizigcine zize zingene emshadweni.
“Sibonga uNomthebe wethu ngokusivalelisa kahle kanje. Sifisela nalabo abasalayo kuhambo lomhlanga ukuthi babekezele, bahambe ezinyaweni zethu khona bezovaleliswa kahle kanje, ” kusho uMaMdluli.
