Uncategorised

INDUMALO KUMISWA UMJAHO WASE-KAPA

KUDUMALE abaningi kumiswa umjaho waseKapa ka-2025. ISITHOMBE: Marathon Tours

MALIBONGWE MAZIBUKO


INDUMALO kubagijimi abesebezilolonge isikhathi eside ukuzilungiselela ukugijima iCape Town Marathon, kulandela ukubhekana nengwadla yokumiswa kwalo mjaho, ngenxa yesiphepho esihlasele le ndawo.
Baphoxekile abagijimi njengoba izolo bebezilolongela lo mjaho, nasekuseni bavuka banikela khona, okuthe besendleleni kwangena imiqhafazo, eshoyo ukuthi umjaho usumisiwe.
I-Cape Town Marathon isikhiphe isixoliso kubagijimi ababezoba inxenye yalo mjaho, ngemva kokuthi lomjaho yalonyaka ka 2025, umisiwe ngenxa yesiphepho esihlasele kule ndawo.
Abagijimi bese bezifakile izimali zokuba ingxenye yalomjaho, kodwa umgomo uthi imali ayibuyeli emuva.
“Sithanda ukudlulisa ukuxolisa kwethu okusuka enhliziyweni kubo bonke ababambiqhaza, siyezwelana ngokudumazeka kulandela ukuthatha sinqumo esinzima, esenziwe ngokuphelele ukuze kuqinisekiswe ukuphepha kwabagijimi bethu.” ngokwesitatimende.