Uncategorised

UNDUNANKULU UHLABE IKHWELO LOKULWA NOBUGEBENGU KOWE-LEMBE

ZETHU PHOSWA

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli uhlabe ikhwelo lokulwa nobugebengu nodlame olubhekiswe kwabesifazane, eMkhosini weLembe kwaDukuza izolo.
UNdunankulu ukusho lokhu ngesikhathi ethula inkulumo kuMkhosi weLembe, nathe njengesizwe esazi ukuthi kumiwa ndawonye uma kunempi, sekuyisikhathi sokuthi kuhlanganwe kuliwe nalesi sihlava sobugebengu, nokungena kwabokufika abangenazo izimvumo kuleli.
“ Siyisizwe ekufanele sivikele ababuthaka ikakhulukazi silwe nokubhebhetheka kodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane. Kufanele sizibuze ukuthi sizokwenzani ukulwa nokusabalaliswa kwezidamizwa nokungena kwabokufika abazingenela umathanda kuleli. Imingcele yethu isingeyokuphuma nokungena kwezigebengu zabokufika abangena ngokungemthetho”, kusho uNdunankulu.
Ube esenxusa ukubambisana komphakathi, nabamabhizinisi nabazimele ukulwa nobugebengu.
“Kubalulekile ukuthi sizibumbe njengoba kwenza iLembe nesizukulwane saso. Kufanele sizibumbe njengebutho landawonye ekunqobeni konke okufuna ukusicekela phansi siyisizwe,” kubeka uNdunanankulu.