Uncategorised

UCELE UKHALA NGABAHLEKISA NGOKUFA KUKA-MTHEMTHWA

UBHEKI Cele ufanisa INingizimu Afrika neSodoma neGomora.

NOMCEBO NGEMA

OWAYENGUMPHATHISWA wamaphoyisa kuleli uMnuz Bheki Cele usefanise iNingizimu Afrika neSodoma neGomora, kulandela ukuthi abantu ezinkundleni zokuxhumana, benza ukufa kukaNathi Mthethwa ihlaya.
UCele ukhulume lokhu ngesikhathi kuqhubeka inkonzo yesikhukhuzo sobeyinxusa lakuleli eFrance, uMnuz Nathi Mthethwa ePinetown, eThekwini. “Noma kungathiwa kushone isitha sakho esingakanani kodwa kufanele ulinde imzuzwana ethile ubadedele bekhale abomndeni. Usungabuya ngelinye ilanga uzothi usibanibani wafa nemali yami njalo. Bafundisi ngiyanibuza ukuthi anikwazi yini ukukhuphukela entabeni, nitshele uThixo enze lento ayenza eSodoma naseGomora? Angeke ngibe nankinga enze lento ayenza eSodoma naseGomora, ngoba niyiSodoma neGomora nina manje. Bantu bakuleli niyiSodoma neGomora nina manje aninanhliziyo, aninanembeza niyinunu,” Kusho uCele.
Kuzokhumbuleka ukuthi uMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa unike uMthethwa umgcwabo kahulumeni osesigabeni sesibili, waphinda wamemezela ukuthi amafulegi andizele phansi kusukela izolo ngoLwesine.
Isidumbu sikaMthethwa sizofika namhlanje kuleli esikhumulweni sezindiza i-OR Thambo International Airport njengoba ezobekwa endlini yakhe yokugcina ngeSonto ekhaya kwaMbonambi, eMpangeni.