Uncategorised

UNDUNANKULU NOHLELO LOKULWA NOKUKHULELWA KWEZINGANE KU-UGU

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli ungenelela okulwa nesihlava sokukhulelwa kwentsha ku-Ugu

AKHONA DLAMINI


UKUKHULELWA kwentsha engaphansi kweminyaka osekuyinsanda kwisifunda Ugu, sekwenze uhulumeni waKwaZulu-Natal, wayisukumela ngenhloso yokunqanda leli ichilo.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli uzohola ngokusemthethweni uhlelo olubizwa nge-KwaZulu-Natal Multisectoral Strategy to Curb Child and Teenage Pregnancies namhlanje, eRay Nkonyeni ngaphansi kukaMasipala weSifunda Ugu.
UNtuli uthi Lolu hlelo lwakhiwe njengempendulo kulandela imibiko eshaqisayo futhi ekhathazayo ngezinga eliphezulu lokukhulelwa kwamantombazanyana amancane eneminyaka ephakathi kweyi-10 kuya kweyi-19.
“ Inhloso yalolu hlelo ukunciphisa ukukhulelwa kwentsha njengoba luzosebenzisana nomphakathi luphinde lugqugquzele ukuthi intsha ivuke izithathe. Lokhu kuwuhlelo lukhombisa ukuthi singuhulumeni izibophezele ukwakha ikusasa lentsha yakuleli sifundazwe ephilile nephephile, “ kusho UNdunankulu uNtuli.
Uveze ukuthi lolu hlelo luzophinde lugxile ekuthuthukiseni ukufinyelela kwentsha emfundweni, ezinsizeni zezempilo, nasezinhlelweni zokuyeseka ukuze ithole ithuba lokuphumelela.