UNDUNANKULU UNCOME AMAPHOYISA KUFA ABAYI-5

AKHONA DLAMINI
UNCOME umsebenzi omuhle wamaphoyisa uNdunankulu waKwaZulu Natal, uThamsanqa Ntuli, kulandela ukufa kwabasolwa abebedubulana namaphoyisa eChatsworth ngoMsombuluko.
Laba basolwa bebefunwa ngezinsolo zokubulala, ukucindezela, ukugqekeza ezindlini, nokuba nezibhamu ezingekho emthethweni. Kuthiwa abasolwa bavulele ngenganono bebhekise emaphoyiseni ngenkathi egasela endaweni abebecashe kuyona. Kuvele ukuthi abasolwa bayamaniswa namaqoqo abehlukumeza abantu ikakhulukazi eMpumalanga Township, iKwaNdengezi, naseMariannhill.
UNtuli uchaze lolu hlelo njengoluhle kakhulu, wathi lukhombisa ukuthi amaphoyisa aseqalile ukuguqula isimo sobugebengu KwaZulu Natal, njengoba ngenyanga edlule abasolwa abangaphezu kuka- 13,500 beboshiwe.
“Ukuqeda ubugebengu kudinga ukuthi sisebenzisane sonke ngibala umphakathi, izinkampani ezizimele zokuphepha, kanye namabhizinisi amakhulu,” esho.
