Uncategorised

OKUSHA NGOLWAMAWELE APHONSEKE EKHESHINI

UMNUZ Khaya Dlamini useveze ukusatshiswa ngokubulala icala kokushona wendodana yakhe nentombazane elimale kanzima, ngesikhathi bephondeka ekheshini.

PRO NDLOVU

SEKUVELE izindaba zokuthi uyasatshisws uyise wamawele alimale ngesikhathi ephonseke ekheshini okugcine elinye lishona, kwathi elentombazane lalimala kanzima.
Lokhu kulandela ukusabalala komqhafazo okhombisa ukuthi uyise kwalawa mawele uMnuz Khaya Dlamini, akasule icala, uma engenzi njalo uzokuba.
Abantu bameseke kakhulu uyise wamawele njengoba bebephume kwimashi ukuzokweseka umndeni wakwa-Dlamini.
Lesi sigameko esenzeke ngesonto eledlule lapho amawele akwa-Dlamini aneminyaka eyisi-8 ephonseke ekheshini elingasebenzi kwadlula emhlabeni indodana u-Aphelele, kanti indodakazi u-Aphile usesimweni esibucayi esbhedlela.
Okususe uthuthuva kwasukumisa izinkumbi zabantu ukujoyina lemashi ukuthi abaphathi bebhilidi lakwa-Homii, okwenzeke kuso lesigameko banqabile ukukhipha ifootage ekhombisa okwenzekile.
Abantu bathe ‘Hlangana Zulu’ siyoyifuna ngo ‘dli’. Nangempela zigcwale izitaladi zeTheku izinhlangano ezahlukene okubalwa kuzo iMarch in March, Operation Dudula kanye namaqembu ezepolitiki.

Emva kokwenziwa kwezethulo kubaphathi bebhilidi kube sekubuya umbiko ngomlomo kayise wezingane uKhaya Dlamini. “Siyabonga kakhulu ngokuseseka siwumndeni,” kubonga uDlamini