Uncategorised

UZOQOPHA UMLANDO OWE-IZIKO BOOK FAIR

ANELE ZUMA

KUZOCEBISWA umlando ngemibhalo yezincwadi zolimi lwebele KwaZulu-Natal, kulandela ukuthi Iziko Art Company ihlele umcimbi wefestiveli yezincwadi osezingeni lomhlaba wonke, kusukela mhlaka 5 kuMandulo uze uphethwe mhlaka 12 kuyo le nyanga.
Lo mcimbi owaziwa ngokuthi Iziko Book Fair Festival, oqhakambisa kakhulu ukubhalwa kwezincwadi ezinothe ngolimi lokhokho, okunegalelo elikhulu ekutheni izilimi zesiNtu zingashabalali.
UMntomuhle Mcambi Wodumo lwezincwadi ezidlala emsakazweni Ukhozi FM okunguyena umhleli walo mcimbi, uthi benze lo mcimbi wokubhala ngezilimu zase-Afrika ngenhloso yokuthuthukisa abhali ngokulondoloza izilimi zase-Afrika.
“Sigcina izilimu zethu ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi izilimi zabantu abansundu azishabalali, zozokwazi uiudlulela kwizizukulwane nezizukilwane. Ngolimi lwethu sicebile kakhulu, yingakho kufanele silulondoloze ngokubhala ukuze lungalahlekelwa umsoco uma seludlulela kwizizukulwane. Ulimi lwethu lunothe kakhulu, kuphela kokuhlala endlini kagogo kuxoxwe zonke izinothisi zolimi, kwenze thina njengabhali siklame indima ekugcineni ukunotha kolimi ngokubhala izincwadi ezahlukene ngolimi lwethu,” kusho Mathaba.
Uthe kuningi abantu nababhali abazokuzuza kulo mcimbi njengoba uqukethe nabanolwazi lwakaNgqondonkulu okuzokezwa kubo.
” Sicobelelana ngohambo lokubhala, ukuhlanganisa incwadi, ukuyishicilela, ukuyifaka emashalofini nokuyimaketha ukuze ikwazi ukuziphilisa ngobuciko bakho. Abaningi kabaqondi ukuthi ukubhala kuwumsebenzi ongakwazi kubeka isinkwa etafuleni ngawo. Yingakho sinxusa imiphakathi ukuthi iyihloniphe imisebenzi yababhali, ” esho.