ISILILO KUSHONA UMSAKAZI

UNDONI ogama lakhe langempela uFuthi Hadebe. ISITHOMBE: FACEBOOK
AKHONA DLAMINI
KUSHAQISE abaningi ukudlula emhlabeni kukaNdoni ogama lakhe langempela uFuthi Hadebe, obesebenza emsakazweni womphakathi iNanda FM, enza uhlelo olungena ngehora lesi-9 kuya kwele-12 ntambama, phakathi nezinsuku.UNdoni wazakhela udumo ngesikhathi eshayela uhlelo olwalungena ekuseni ngehora lesine kuya kwelesithupha kwi-Vuma FM. Ubephinde abe umculi owelapha abaningi ngezwi lakhe elimtoti futhi elipholile. Imininingwane yenkonzo yesikhumbuzo noma eyokumfihla ayikakakhishwa.
