KWETHULWE ELOKULWA NESIHLAVA SOKUKHULELWA KWEZINGANE

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli noNgqongqoshe beminyango ehlukene bethula loluhlelo ngokusemthethweni
NOMCEBO NGEMA
ZIYASHAQISA izibalo zokukhulelwa kwabantu abasha kanye nezingane njengoba ngoMbasa kuya kuZibandlela ngonyaka odlule engu-26 515 amantombazane aphakathi kweminyaka eyi-10 kuya kweyi-19 ebekhulelwe.
Lokhu kuvezwe uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli ngesikhathi ethula ngokusemthethweni umkhankaso wokulwa nalesihlava, enkundleni yezemidlalo Ugu Sport And Leisure, ngaphansi kukaMasipala iRay Nkonyeni.
UNdunankulu uthi okudumaza kakhulu ukuthi kulesibalo kunamantombazane ayi- 1 254 aneminyaka eyi-14 kuya phansi.
“Lokhu kusho ukuthi omama abancane empeleni basengabantwana kwabona. Okubuhlungu kakhulu ukuthi amadoda amadala yiwona antshontsha ikusasa lezingane ngezipho ezimba eqolo, aphinde azihehe ngemali futhi abagcini lapho kodwa bayazikhuleliswa, bazishiye nezifo ezinye zazo ezingalapheki,” Kusho uNdunankulu.
Uthi uma abesilisa belala nengane engaphansi kweminyaka eyi-16 basuke bengabadlwenguli futhi kufanele babolele ejele.
Ube esegxeka omama bazo izingane abamukela izipho ezisuke ziqhamuka emadodeni.
“NgoKhisimuzi nangoNcibijane ngavakashela izibhedlela ezihlukene ngihambisana noNgqongqoshe wezeMpilo ukuyokwamukela izingane, ukujabula kwami kwaphenduka ukujabha uma sengithola ukuthi iningi lomama elalithole abantwana amantombazanyana amanye aneminyaka eyi-11 ubudala,” kuqhuba uNdunankulu.
UNgqongqoshe wezeMpilo uNkk Nomagugu Simelane- Mngadi, uthi uhulumeni angeke ekwazi ukuyilwa yedwa lempi ngaphandle kosizo lwabazali kanye namakhosi.
“Ngihlala ngizibuza ukuthi lesi isizwe esinjani esibona ingane eneminyaka eyi-10 kuyintombi ingane encane,” kusho UNgqongqoshe Simelane Mngadi.

UNDUNANKULU uMnuz Thami Ntuli ethula inkulumo. Izithombe: OTP
