Uncategorised

ZIYAWUSHAYA KOWE-SKEEM SAMI

USAMKELO Mkhize odlala indawo kaKhwezikazi kwiSkeem Sami. ISITHOMBE: INSTAGRAM

MABUNHLE MLABA

ZIYAWUSHAYA kumlingisi weSkeem Saam uSamkele Mkhize ozoba nendumezulu yomshado nesinqandamathe sakhe KwaDukuza, ogwini olusenyakatho yeKZN ngoMgqibelo.
Imithombo eminingi esondelene nalesi sihlabani esizalelwa KwaMashu, iveze ukuthi konke kuhamba kahle kuyena nosomabhizinisi wakhe waseVenda, abanengane. Sekunesikhathi bebonana futhi selokhu afudukela eGauteng, uSamkelo uthole injabulo kumyeni wakhe ongakukhonzile ukuba semehlweni eningi.
USamkelo, oseke wabonakala kuMzansi telenovela Isibaya, waqala ukulingisa ngo-2006 .
Ngo-2008 wabamba iqhaza emculweni owashisa izikhotha, iMadame President Musical, edlala indawo yakhe yokuqala ehamba phambili, eyamenza wahlonishwa endimeni yokulingisa.
Kumanje ulingisa indawo kaKhwezikazi Gasela, osesuse umsindo ngemuva kokuthandana nomngani womyeni asadivosa naye (uLehasa Maphosa) ongumngani omkhulu (Nkosi). Ngemva kokudivosa noMaphosa wajola nephoyisa uRobert ngaphambi kungazelele muntu wayohlala kwaNkosi.
Imizamo yokuthola ukuphawula kwalaba bashadikazi ayikacaci kodwa imithombo esondelene nabo imile kwelokuthi umshado uzoqhubeka kule mpelasonto.