Uncategorised

BANYELWE INYONI EZANDLENI OSONKONTILEKA BESIFAZANE BASE-KZN

UNKSZ Tholi Cibane oyilungu le-She Builds Advisory Body ezwakalisa ukujabula kwakhe ngenqubekela phambili. ISITHOMBE: STEVE BHENGU

ZETHU PHOSWA

INJABULO kwethulwa iShe Build Advisory Body, okuwuhlelo olusingathwa ngabesifazane baKwaZulu-Natal, abazokweluleka benze nemiqathango ezokhulula abesifazane abangosonkontileka, futhi luzohlomulisa abesifazane, ngokwakha izingqalasisinda zikahulumeni.

UNksz Tholi Cibane onguSihlalo wakwa-South African Woman Construction For the KZN Chapter ophinde abe ilunga le- She Builds Advisory Body, ongomunye wabahlomulile kulolu hlelo, uthi bazoqinisekisa ukuthi konke bakwenza ngokwethembeka nangokwenza ucwaningo olunzulu.

“ Ukwethulwa kwalolu hlaka kusinika ithemba lokuthi, le nqola iya phambili. Siwabonile amalunga ephalamende, izikhulu zikahulumeni noNdunankulu waKwaZulu-Natal imbala, okusho ukuthi lento akuyona eyomuntu oyedwa, kodwa ihlelwe ngokubambisana ukuze izoya phambili, “ kubeka uNksz Cibane.
Uthi kubajabulise kakhulu ukubona bebekwa phambili, futhi benconywa ngokuzimisela kwabo bengabesifazane ngokuzinikelela ukwenza umsebenzi osezingeni nokuhlonipha umsebenzi.
“Izethembiso abasinike zona zisinika ithemba singabantu besifazane abakulomkhakha wokwakha. Kuyiqiniso esingeke silifihle ukuthi thina siphusheleka emumva kulomkhakha. Siyafuna ukuthi kube nemithetho nemiqathango ezolandelwa ngoba asiyifuni imoto ezovele izigijimele ngaphandle kwezincwazi zokushayela,” kusho uTholi.