U-SHINGA UZOHLONIPHA ABESIFAZANE BASEMAKHAYA

UNGQONGQOSHE wezokuThuthukiswa koMphakathi Kwazulu-Natal uzogubha usuku lwabesifazane basezindaweni zasemakhaya nabesifazane bakwaMhlabuyalingana.
NOMCEBO NGEMA
NJENGOBA umhlaba wonke uzobe ugubha usuku lwabesifazane basezindaweni zasemakhaya, abesifazane bakwaMhlabuyalingana ku-ward 20 nabo bazolugubha ngezinga eliphezulu lolusuku kusasa.
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi Kwazulu-Natal uNksz Mbali Shinga uzogubha lolu suku nabesifazane bakule ndawo kusasa, ehholo lomphakathi Kwalulwane ngehora le-10:00 ekuseni. UNgqongqoshe uzohlonipha abesifazane abakwezolimo, abazikhandlayo ukuze bakwazi ukuxosha ikati eziko.
UShinga uthi uzonikeza ithuba abesifazane ukuthi bagonyuluke ngezingqinamba ababhekana nazo emphakathini nokubazithiyo kumsbhizinisi nasekuzithuthukiseni.
Umphakathi uyamenywa ukuthi uphume ngobuningi bawo uzoba ingxenye yalolu suku, eminye iminyango kahulumeni izobe ikhona kanye nedili lomculo.
