EZIBUHLUNGU NGOMDLALO I-SIBONGILE & DLAMINI

UMBIKO: MABUNHLE MLABA
AKWAZIWA ngekusasa lomdlalo othandwa kakhulu kuMzansi Wethu, iSibongile & The Dlaminis.
Ngokusho kwemithombo uSeason 2 wale telenovela ugcine ukuqoshwa ngoDecember, kusukela lapho akukho ukuxhumana okuqhubekayo phakathi kwababhali bomdlalo nabalingisi.
Uqhuba lo mthombo uthe lo mdlalo wenkakha uDuma kaNdlovu bekumele ngabe usuqalile ukuqophela uSeason 3, kodwa namanje abantu badunguza ebumnyameni.
Lo mdlalo uzoba owesithathu ukuvalwa ulandela Umkhokha: The Curse neMy Brother’s Keeper. Ukuphela kwale midlalo kwenzeka ngemuva kokuboshwa kukaNdlovu esolwa ngokungayikhokhi intela kaSARS ebalelwa kuR25 million. Lokhu kuholele ekutheni iMultichoice ekhiqiza le midlalo ingakwazi ukuyinika izinkontileka, ngoba uNdlovu wahluleka ukuhambisa i-tax clearance certificate. “Abanye abalingisi basahlalele ethembeni lokuthi bazothintwa bezoqopha kanti abanye sebeqalile ukuthatha imisebenzi yokuqophela izindawo zemidlalo ezizovala isikhala My Brother’s Keeper and Umkhokha,“ kusho uMthombo.
Okhulumela uMultichoice u-Irvin Pooe ukuqinisekile ukuthi kusamisiwe ukuqoshwa kweSibongile & The Dlamini.
