KAYINAMSILA NAKHANDA EYOMGCAGCO WESILO NOMAMYENI

INDLULAMITHI kanye noNdlunkulu uNomzamo KaMyeni okusabalele ikhadi lesimemo sabo somgcagco

ISONA lesi isimemo esisabalele ezinkundleni zokuxhumana. Izithombe: Facebook.
NOMCEBO NGEMA
KAYIQONDAKALI kahle eyomgcagco weSilo uMisizulu KaZwelithini okulindeleke ukuthi ube kulempelasonto mhla ziyi-8 kuLwezi.
Ngokuthola kwaleli phephandaba kuthiwa kunamehlebezi athi kunohlangothi olushaya phansi ngonyawo luthi angeke iNdlulamithi igcagcelwe uNdlunkulu uNomzamo MaMyeni engakamthathi ngokugcwele uNdlunkulu uNtokozo Mayisela Zulu.
Kunekhadi lesimemo elisabalele ezinkundleni zokuxhumana elinesimemo somkhehlo ozoba ngoLwesihlanu mhla ziyi-7 kuLwezi, enkundleni yezemidlalo eJozini eduze kwaseZibukweni High School, ebese ngoMgqibelo ziwushaye eSigodlweni KwaKhangelamankengana, KwaNongoma ngehora le-10:00 ekuseni.
Kuzokhumbuleka ukuthi mhla-26 kuMasingana kulonyaka ilona usuku olwalunqunyiwe ukuthi iSilo sigcagcelwe uNdlunkulu uMaMyeni, kodwa wavinjwa isicelo esafakwa enkantolo ukuthi uvinjwe lo mgcagco, sifakwa uNdlunkulu uKaMayisela.
