KUHLOMULA UMPHAKATHI KWI-ISIMANGALISO WETLAND

ISIKHULU esiphezulu uMnuz Sibusiso Bukhosini owengamele Isimangaliso Wetland Park, Ekhuluma nabezindaba. Kwesingenzansi umphakathi nezikhulu ezahlukene ngesikhathi kunoncimbi eManguza kuzohlonyeliswa ngezikebhe. IZTHOMBE:UMUSA MEDIA

ZETHU PHOSWA
UKUHLOMULISA umphakathi owakhele izindawo zenhlangano eyengamele ukongiwe kwemvelo, nezindawo ezingamaxhaphozi ebizwa ngokuthi Isimangaliso Wetland Park, kunciphise kubulawa kobhejane nokuzicanesela kwabenzi bokubi eziqiwini.
Lokhu kuvezwe Isikhulu esiphezulu uMnuz Sibusiso Bukhosini ngesikhathi kunesithangami sabezindaba St Lucia eMtubatuba izolo.
“Ukusebenzisana nomphakathi owakhele isiqiwi kuthela izithelo ezinhle njengoba lehlile kakhulu izinga lokuzingelwa kobhejana. Sihlale phansi sabuka ukuthi nakuba kungaba khona amaphesenti emihlomulo kodwa abantu abafuna into ephathekayo, kulapho senze ukuthi izimpahla zamaBnB, ziwashwe umphakathi. Sasungula imisebenzi okusebenza yona imiphakathi, senza imifundaze bebhekene ngqo nentsha yakulezi zindawo,” kuchaza uBukhosini.
Uthi manje umphakathi iwona ovuka ulaka uma kukhona izigcwelegcwele ezifuna ukwenza kucekela phansi umsebenzi Abayingxenye yawo.
“Ukuzingelwa kobhejane kuleli kuphoqe izinhlangano ezengamele ukongiwe kwemvelo, ukuthi ziphasise umthetho wokuthi obhejane bequnwe uphondo ngenxa yezinga eliphezulu lokuzingelwa bakhishwe uphondo. Selokhu siqale ukusebenza nomphakathi lokhu sekungumlando, njengoba lehle kakhulu izinga lokuzingelwa kulezi ziqiwi, “ esho.
Uthi okunye okumhlaba umxhwele ukusebenzisana namakhosi, njengoba ebamba iqhaza ekufundiseni umphakathi abayiholayo ngokubaluleka kokongiwa kwemvelo
