Uncategorised

INJABULO KU-NCAMI WODUMO LUKA-TIKTOK

UNCAMI Mwandla ejabulela usuku lwakhe lokuzalwa.

AMALUNGA omphakathi abephume ngothi lwawo ukuzobungaza. IZITHOMBE: Facebook

NOMCEBO NGEMA

BEBEPHUME ngobuningi babo abantu bezobungaza usuku lokuzalwa lukaNcami Mwandla, kwa-Max’s Lifestyle, eMlazi izolo.
UNcami uzakhele udumo ngamancoko akhe ku-TikTok, lapho ethanda kakhulu ukupheka ukudla okungaqondakali okuyingxubevange aphinde adlise ngengqephu.
Lo mcimbi ubuhanjelwe osaziwayo abaningi nama- Influencers abegqoke ngendlela uNcami agqoka ngayo.
Abantu abaningi abawuvali umlomo ngothando olukhonjiswe uNcami, elukhonjiswa abantu bakwaZulu-Natal, naye uNcami injabulo ibibhalwe emehlweni.