AKUCACI NGEKUSASA LIKA-FELIX HLOPHE KWI-GAGASI FM

UFELIX oshayela uhlelo lwasekuseni kwiGagasi FM. ISITHOMBE: FACEBOOK
NTOBEKO MZIMELA
BASALE bedidekile abalaleli bomsakazo ozimele iGagasi FM, ngenkulumo ephanyekwe isilomo somsakazi wakulesi siteshi uFelix Hlophe, ezinkundleni zokuxhumana ekuqaleni kwesonto.
Ukungazwakali kukaHlophe emoyeni isonto lonke kuze kube izolo, ebanjelwe uSiyabonga “Heazy” Madida, kubadide kakhulu.
Sekusabalele amahebezi athi amabombo akhe abheke kwesinye sesiteshi esikhulu nesiyimbangi neGagasi FM, indawo yakhe izovalwa uMr Magic uLinda Sibiya.
UHlophe ubebhale sakuvalelisa kulo msakazo.
“Ngafika nezwi nephupho ,ngihamba nje ngiyazi ukuthi ngikusebenzise kahle, ngenza abantu bahleka, bacabanga baphinde bakholelwa kubona, vele kwakuyinhloso yami,” kusho umbhalo kaHlophe ezinkundleni zokuxhumana.
Imithombo eminingi ayicacisi kahle ngekusasa lalo msakazi, ophinde abe ngusomahlaya, njengoba eminye imkhomba kwa-SABC, kumsakazo omkhulu kuleli uKhozi FM, nakwi-Metro FM.
Lo msakazo usuhlakaze ithimba labafana abahle abangena phakathi ngesonto, libumbene ihora le-12:00 emini bebade kuya kwelesi-15:00 ntambama, elushayelwa Khaya Mthethwa noDJ Sonic
Kuvele ukuthi inkontileka kaKhaya Mthethwa akayivuselelangwa, kanti uSonic yena usezokwenza olunye uhlelo.
Indawo yabo izovalwa uMzokhona Gumede (Mzokoloko) ozobe ekhuza ibuya kulo msakazo, njengoba okwamanje esabambe uhlelo lwantambama emsakazweni iVuma FM.
Lo msakazo kulindeleke ukuthi umemezele izinguquko zawo maduze.
