I-LPFF NOKUCHUSHISA UMPHAKATHI NGABAMMELI BOMKHONYOVU

UPEARL Mfusi uthi kuyisifiso sakhe ukuthi bavakashele umphakathi Kwa-Zulu Natal, ukuxwayisa abantu ngabameli abangalandeli imigomo yokusebenza nabantu, nabagcina bedla izimali zamakhasimende abo.
ANELE ZUMA
I-LEGAL Practitioners Fidelity Fund isebenzisana neLegal Practice Council (LPC) yethule uhlelo lokuhambela imiphakathi yasemakhaya, ngenhloso yokuxwayisa nokufundisa abantu ngezinyathelo abangazithatha uma behlangabezane nezinkinga ngabammeli ababakhokhelayo, Olundi izolo.
Le nhlangano izethule njengabasizi abathembekile abangakwazi ukumela labo abagilekile nokubabuyisela izimali zabo ngokufanele.
OnguMqondisi weLPC okunguye obhekelela ukusebenza kwaba mmeli , uNkkz Pearl Mfusi, uthi kubaluleke kakhulu ukufundisa abantu ngezinto ezifana nalezi, ngoba abanalo ulwazi olunzulu ingakho iningi ligcina liyekelela imali yabo.
“Inhloso yosuku lwanamhlanje ukuthi sizoxwayisa abantu ngezingqinamba abangase babhekane nazo uma besebenzisana nabammeli. Kufanele baqonde imigomo abangayilandela ukuqinisekisa ukuthi abammeli ababakhethayo bathembekile futhi basebenza ngaphansi kweminyango esemthethweni,” esho.
UMfusi uphinde wagcizelela ukuthi abagcini ngokuvakashela umphakathi was’Olundi, kodwa bazoqhubeka bevakashele imiphakathi eyahlukene Kwa-Zulu Natal.
Uthi bayingcosana abanolwazi lokuthi kunezinhlangano ezifana neLPFF neLPC engakwazi ukusiza abantu .

