LIKHUPHUKILE IZINGA KWI-NGOMA YASEMACHUNWINI

INKOSI yesizwe saseMchunwini uNgangendlovu.


BEKUVUNULWE ngemvunulo yesechunu. IZITHOMBE:SPHA MBHELE
ZETHU PHOSWA
BEKUKUHLE kudelile kwiNgoma YasemaChunwini ebisenkundleni eMqamathi eMsinga, ngoMsombuluko mhla ziyi-29 kuZibandlela .
Le ngoma ebe yimpumelelo inhloso yayo ukwakha ubumbano noxolo kumphakathi waseMsinga ukuze izikhathi zikaCibijane kube ezekujabulelana, kungabi ngezokuphakamiselana izikhali.
Inkosi Ngangendlovu Mchunu income kakhulu ukukhuphuka kwezinga nokuthi lo mcimbi ube yimpumelelo.
“Lo mcimbi weNgoma uba minyaka yonke inhloso yawo ukwakha ubumbano, umphakathi uveze ubuciko bawo, kujatshulwe wonke umuntu alangazelele ukuba ekhaya, azojabula. Le ngoma iyithuba lokuthi isizwe sihlalisane kahle ngaphandle kwempi. Ngicela ukuthi lengoma siyihloniphe. Siyithuthukise, “ kubeka Inkosi uNganendlovu.
Ithi ngalengoma kuqondwe ngayo ubunye besizwe samaChunu.
“ Inkosi ezala mina iyingqalabutho ekudaleni ukuthula emaChunwini naseMsinga jikelele,” isho.
Uveze ukuthi iyithakasele kakhulu
lengoma njengoba ifana nesipho sayo sokuzalwa, iba emva kosuku lwayo lokuzalwa.
Kunandise amaqembu Iengoma endawo, kanti bekuhlotshwe ngemvunulo kukuhle kudelile.
Amaqembu angaphezu kwagama-35 asine eshiyelana inkundla. Lengoma yenye yezingaphezu kwama-20 ezesekwe uMnyango Wezemidlalo, Ezobuciko Namasiko njengelinye lamaqhinga okukhuthaza uzwano nokuphilisana kahle kwemiphakathi.
