KUVUKE UMUNYU OKAMAYISELA ETHULA INKULUMO

UNDLUNKULU Ntokozo KaMayisela-Zulu ehluba udlubu ekhasini ngamadoda angapholile. ISITHOMBE: ZETHU PHOSWA
NOMCEBO NGEMA
IVUSE amanxeba kwabaningi inkulumo kaNdlunkulu Ntokozo KaMayisela-Zulu, ngokuhlukumezeka kwabesilisa ebuncaneni babo okudala umonakalo omkhulu uma sebekhulile. UNdlunkulu uKaMayisela ubeyisikhulumi esiqavile izolo, ngesikhathi iNew Man Rising yethulwa uhlelo Ivukuthu Ibutho Lembube, ehlose ukudodisa abafana abancane kanye nokunika ithemba abesilisa abakhulile.
UNdlunkulu uKaMayisela uthi kubalulekile ukuthi abantu besilisa bazi izimpande zabo ukuthi bangobani, baphumaphi futhi bayaphi. “Ngiyafisa ukuthi ishintshwe lento ethi indoda ayikhali ngoba ngesikhathi ingakhali, kukhala umuntu wesifazane oseceleni kwayo. Uma indoda izoba isilwane endlini, izingane ezikhulayo nazo zizoba ileyonto. Lokho kusho ukuthi isihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane asikazophela. Izingane ezikhulayo zibuka unina ehlukumezeka eyivalela, zibone kuyinto elungile ebese ziyakwenza lokho nazo uma sezinemindeni. Ngiyacela ukuthi iqhubeke lento bantu besilisa nibe nekhosomba lenu nivulelane izifuba, ngoba niyabalimaza abantu besifazane eninabo ebudlelwaneni. Lezi zingxoxo kufanele zibekwe etafuleni ngoba ukuhlukumezeka akukhona ukudlwengulwa okanye ukushawa kuphela, kodwa nakho ukukhula ungamazi ubaba wakho kungukuhlukumezeka,” kusho uNdlunkulu uKaMayisela.
Ube esecela abantu besilisa ukuthi bapholisane, baxoxe ngezinto abazivalele ngaphakathi ezibahlukumezayo, “Uma bengadlulile kuleyo ndawo lowo muntu wesifazane asebudlelwaneni naye uzophenduka indawo lapho ekhiphela khona konke ukudinwa kwakhe. “Bantu besifazane ngicela ukuthi ngaphambi kokuthi singene ebudlelwaneni asibheke ukuthi iwubani leyondoda, ikholelwaphi, ithini inkolo yayo, zithini izinto ekholelwa kuzona, buthini ubuholi bayo, ngabe ipholile ngaphambi kokuthi ipholele phezukwakho. Isigcino kuba ukuzisola esekubulele,” kuphetha uNdlunkulu uKaMayisela.
