Uncategorised

KUQHAKAMBISWE AMALUNGELO WABAPHILA NOKUKHUBAZEKA

UNGQONGQOSHE wezokuthuthukiswa komphakathu Kwazulu-Natal uNksz Mbali Shinga enabanye abaphila nokukhubazeka.

NOMCEBO NGEMA

NGEMUVA kwesikhathi eside abantu abaphila nokukhubazeka, bethola ukucwasa, ukungamukeleki emphakathini, nokunganikwa amalungelo abo okuzikhethela unqonqoshe uMbali Shinga uzibophezele ekuhlabeni ikhwelo lokuthi kuhlonishwe amalungelo abo, izolo kumasipala wase-Majuba.
Unqonqoshe WezokuThuthukiswa koMphakathi Kwazulu-Natal ube, uthi njengoba kuyinyanga yokuqhakambiswa kwamalungelo, bayazibophezela kukho bazohlezi bebabeka eqhulwini kukho konke.
“Sizogubha usuku lwamalungelo lwabaphila nokukhubazeka kulenyanga, kuningi esizokwenza nabo. Sizobakhombisa ukuthi bahlezi beseqhulwini kukho konke. Sibakhathalele kakhulu futhi sinezinhlaka ezibhekelela bona ngqo,” esho.
Unxuse umphakathi ukuthi ungenelele kuliwe nezinselelo, ezibhekena nabantu abaphila nokukhubazekile, futhi kwakhiwe imiphakathi enobumbano.
Uhulumeni , izinkampani ezizimele, izinhlangano zomphakathi, bathi bazinikele ukuhlangana ngenhloso yokuhlaba ikhwelo lokuthi, abantu abaphila nokukhubazekile babe namalungelo alinganayo nawo wonke umuntu, nokuzikhethela ngokukhululeka