Uncategorised

USEKULUNGENE UKUBUYELA ENKUNDLENI OWE-CHELSEA

UZOBONAKALA enkundleni kulempelasonto uPalmer emva kokululama.
ISITHOMBE: SkySports

MALIBONGWE MAZIBUKO

SEKUQINISEKISWE ukuthi umdlali weChelsea FC odlala esiswini uCole Palmer usekulungele ukubuyela enkundleni ngemuva kokulimala
Lezi zindaba ziqinisekiswe umqeqeshi weChelsea u-Enzo Maresca, kanti kulindeleke ukuthi abonakale enkundleni, kumdlalo wePremier League, lapho ubezobe bedudulana ne-Arsenal.
“Usekulungele ukubuyela enkundleni uPalmer, kanti wonke umuntu ujabule ngokubuya kwakhe. UPalmer umdlali wethu omqoka futhi uzosilekelela kumdlalo wangempelasonto” kusho umqeqeshi uEnzo Maresca.

IChelsea FC ibheke ukuvala igebe lamaphuzu ayi-6 elivulwe i-Arsenal ngamaphuzu angama-31, endaweni yokuqala kwilog njengoba bona behlezi namaphuzu angama-23 endaweni yesibili emidlalweni eyi-12