UBE IMPUMELELO OWE-AFRICAN TOURISM INDABA

IZIKHULU zikahulumeni ebezihambele isithangami sabezindaba se-ATI namuhla, eThekwini. ISITHOMBE: SINDISWA NXUMALO
AKHONA DLAMINI
BEKUVUNGUZA umoya wenjabulo eNelson Mandela Cruise Terminal, ngesikhathi kunesithangami sabezindaba sokwethula izinhlelo ezandulela ukwethulwa ngokusemthethweni kwe-African Travel Indaba 2026 (ATI).
Inhloso yalesi sithangami bekuwukubheka indima eklanywa ezokuvakasha esifundazweni KwaZulu Natal, njengoba i-ATI igxile kakhulu kwezokuvakasha (tourism).
Kuphinde kwabuyekezwa amasu angasetshenziswa ukuze ezokuvakasha zingathembeli kakhulu kwimali yentela kepha zikwazi ukuzimela.
UNgqongqoshe wezokuVakasha uPatricia de Lille, ushayele ihlombe ukusebenza kahle kwe-ATI kuleminyaka edlule. “Umkhiqizo wonyaka wonke ohlangene (GDP) ngonyaka ka-2024 wanyuka ngo-4.9%. Sizokhumbula ukuthi neG20 Summit yaba impumelelo kakhulu nyakenye. Kanti ngonyaka ozayo umdlalo wekhilikithi uzobanjelwa kuleli akungabazeki ukuthi uzoba impumelelo,”kusho uDe Lille
IMeya yeTheku uCllr Cyril Xaba uncome kakhulu iqhaza elibanjwa i-ATI ekuthuthukiseni abantu.
“Lolu hlelo lwe-ATI lukhanda amathuba emisebenzi kubantu, luphinde luxhase osomabhizinisi abasebancane ngenxa yezivakashi ezivakashayo kuleli lakithi. Ngithanda ukuncoma nabezindaba ngokusabela uma sibabiza benza umsebenzi omuhle impela ngokuxhasa ezokuvakasha,” kusho uXaba.
