USEZAKHELE IGAMA PHESHEYA KWEZILWANDE OPHILA NOKUKHUBAZEKA

SAMKELISIWE Mbatha ongumdlaliweBasket Ball kuzwe lonke.

USAMKELISIWE edlala. ISITHOMBE: gsport
NOMCEBO NGEMA
UNGOWESIFAZANE osemncane ophila nokukhubazeka, kanti ukhulele endaweni yasemakhaya, kodwa uthi akakaze aliphonse ithawula ekubeni ngumdlali we Basket Ball, nakuba ehlangabezana nezinselelo njalo, uma eya kozilolonga.
Samkelisiwe Mbatha oneminyaka engama-20 ubudala, uthi uqale ukudlala ngonyaka ka-2012 edlalela isikole esiseGlenwood, eThekwini futhi edlalela neqembu iKZN Worriors.
Uthi ngonyaka ka-2015 waqokelwa ukudlalela iqembu kuzwelonke eGoli, kumqhudelwano wezifundazwe owawukhona.
“Ngiqale ukudlalela iqembu likazwelonke ngonyaka ka-2015 kuze kube imanje. Sengimele izwe laseNingizimu Afrika emazweni amaningi okubalwa iGhana, Ethiopia, Thailand kanye namanye amaningi. Ngiyazithanda kakhulu ezemidlalo ngoba ziyakwazi ukulwa nengcindezi nemicango engemihle engike ngibe nayo, ziyangilapha kakhulu,” kusho uSamkelisiwe.
Le ntokazi ithi iphupho layo ukuzibona ingovelele kuma- Paralympics.
Ukhuthaze abaphila nokukhubazeka ukuthi baziqhenye bangazenyezi, bazithande babe ilento uNkulunkulu abadale bayiyona ngoba angeke bazishintshe.
“Ungabanaki abantu ngoba vele bahlale bekhuluma angikhathali noma uphila nokukhubazeka noma awunakho vele bazokhuluma,” kuphetha uSamkelisiwe.
Uncome uMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal oholwa uMnuz Mntomuhle Khawula, ukuthi uhlale ubeseka ngaso sonke isikhathi.
“Ngithanda ukubonga uMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal ngokuhlale useseka ngaso sonke isikhathi ikakhulukazi thina bantu abaphila nokukhubazeka, awudinwa ithina noma kunjani. Siyaziwa ukuthi sihlale sinezikhalazo kakhulu njengabadlali ebese singabongi uma konke kuhamba kahle, yingakho ke namhlanje ngithatha leli thuba ngibonga,” kusho uSamkelisiwe
