Uncategorised

I-FIFA IGADLE KWAZWELA KWI-BAFANA

MALIBONGWE MAZIBUKO

SIMUNCU isimo eqenjini lesizwe i-Bafana Bafana ngemva kokuthi inhlangano eyengamele ibhola emhlabeni jikelele i-FIFA, isiphuce iqembu lesizwe amaphuzu amathathu yaphinda yalihlawulisa inani lemali elilinganiselwa ku-217 000 wamarandi ngecala lokudlalisa uTebogo Mokoena okwakungamele adlaliswe ngenxa yamakhadi aphuzi.
Ukuphucwa kweqembu lamaphuzu amathathu kuyithathe kwayibeka endaweni yesibili etafuleni yemiphumela [ Group C] ngamaphuzu ayi-14, sebelandela iBenin esendaweni yokuqala ngamaphuzu ayi-12. Kodwa bahamba phambili ngegoli elilodwa.
Sekuzophoqeleka ukuthi iBafana Bafana inqobe yonke imidlalo futhi bashaye amagoli amaningi kule midlalo ukuze bezokwazi ukuzibeka ethubeni lokubekisa indawo endebeni yomhlaba ka 2026.
IBafana eqeqeshwa uHugo Broos iyalelwe ukuba ibuyise incwadi yokuphikisa lesisinqumo kwi-FIFA zingakapheli izinsuku eziyi-10.
IBafana Bafana izobhekana neZimbabwe eMoses Mabhida Stadium mhlaka 10 ku-Mfumfu ngehora lesithupha, izodlala ngaphansi kwenkulu ingcindezi yokunqoba lomdlalo.