ZIYAVELA NAMUHLA ENKANTOLO IZELAMANI EZISOLWA NGELIKA-AKA

IZELAMANI zakwaNdimande ezisolwa ngokubulala umrepha wakuleli kanye nomngani wakhe. ISITHOMBE: Facebook.
NOMCEBO NGEMA
ZIBUYELA enkantolo ye mantshi eThekwini namhlanje izelamani zakwaNdimande, ezisolwa ngokuthinteka ecaleni lokubulawa komrepha wakuleli uKiernan “AKA” Forbes nomngani wakhe uTebello “Tibz” Motsoane, abadutshulwa emgwaqeni uFlorida Road eThekwini, ngoNhlolanja ngonyaka ka-2023.
USiyabonga nomfowabo uMalusi Ndimande baphinde bayamaniswe namanye amacala, okubalwa icala lokubulala umphathi wamatekisi wase- Amanzimtoti.
Kusolwa ukuthi omunye walezi zelamani uyena owadubula wabulala u-AKA ngaphandle kwendawo yokudlela iWish.
Abameli balezi zilamani bacele isikhathi esengeziwe sokubonisana ngaphambilini.
Akukacaci kahle ukuthi namhlanje bazofuna ibheyili yini, okuyinto imantshi ehlela ukuyiphikisa. Kubikwa ukuthi ezokuphepha zizoqina kakhulu enkantolo.
