Uncategorised

IPOLITIKI KWI-DURBAN CITY IXOSHISE U-HUNT

SEKUVELE imbangela yokuxoshwa kuka Gavin Hunt kwiDurban City.
ISITHOMBE: FarPost

MALIBONGWE MAZIBUKO

NAKUBA imbangela yokuthi akhonjwe indlela uHunt ibiyamaniswa nokungenzi kahle emidlalweni yakamuva, kodwa kugcine kuputshuka iqiniso lokuthi bekukuningi ukungaboni ngaso linye ngaphakathi.
Kuvele ukuthi uGavin Hunt nosihlalo weqembu uFarook Kadodia bebengaboni ngaso linye ezintweni eziningi ezithinta iqembu, okubalwa kukho ukuthengwa kwabadlali.
Kuthiwa uHunt ubekushayela amakhala ukuthengwa kwabadlali njengoba ubengabadingi eqenjini, futhi ekholelwa ekwenzeni izinto ngendlela yakudala.
IDurban City isabeke umsizi kamqeqeshi uPitso Dladla njengebamba lomqeqeshi njengoba kusathungathwa umqeqeshi.