
I-DA IHALALISELE UMNYANGO WEZEMISEBENZI YOMPHAKATHI
AKHONA DLAMINI
IQEMBU le-Democratic Alliance KwaZulu-Natal, lihalalisele uNgqongqoshe woMnyango WezemiSebenzi yoMphakathi neNqalasizinda, uMartin Meyer, noMnyango wakhe, kulandela ukuthi ucwaningo-mabhuku luthole olungenagcobho okokuqala ngqa emlandweni walo mnyango.
UMholi we-DA KwaZulu-Natal, uSithembiso Ngema, uthe le mpumelelo ikhombisa ukuthi izimali ezivela kubakhokhi bentela seziphethwe ngendlela enobulungiswa.
“Lolu cwaningo-mabhuku olungenagcobho lukhombisa ukuthi izimali zomphakathi ziphethwe ngendlela efanele nokuthi imigomo yokubusa ngomthetho iyahlonishwa nguNgqongqoshe wakulo Mnyango kanye neqembu le-DA,” kusho uNgema.
Uqhube wathi ngesikhathi uMeyer ethatha isikhundla eminyakeni emibili eyedlule, enye yezinto ayehlose ukuzifeza kwakuwukuthola lolu cwaningo-mabhuku. “Le mpumelelo iyisibonelo salokho i-DA ethi ingakuletha kohulumeni basekhaya, uma ingena kuhulumeni ngemuva kokhetho lohulumeni basekhaya lwangoLwezi nonyaka,” kuqhuba uNgema.
