KUBOSHWE UMSAKAZI NGELOKUYISA ABAKULELI EMPINI E-RUSSIA

UMSAKAZI we-SAFM ngesikhathi evele enkantolo kanye nabanye ngecala lokusolwa ngokuba nesandla ekushushumbisweni kwamadoda akuleli. ISITHOMBE: Facebook.
NOMCEBO NGEMA
KUBOSHWE umsakazi we-SAFM ngecala lokushushumbisa abesilisa ukuyolekelela iRussia empini njengoba ilwa ne-Ukrain, kulandela ukuvela ukuthi waba nesandla ukuthungatha labo abashushumbiswa.
UNonkululeko Mantula (39) oshayela uhlelo iMorning Bliss olungena ekuseni ngehora lesi-3:00 luphele ngo-5:00, njalo ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu, uboshwe esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo International Airport, sekusele imzuzwana ukuthi indiza isuke ilibhekise eRussia.
Laba basolwa basolwa ngokuphula umthetho wosizo lwezempi yangaphandle, abawenze ngokungemthetho nokuhlanganyela ezimpini zakwamanye amazwe, ngaphandle kwemvume.
Umshushisi uPieter Erasmus uthi laba basolwa bazohlala ejele, kuze kube bafaka isicelo sebheyili ngesonto elizayo. Amaphoyisa athi uphenyo lusaqhubeka.
Kuzokhumbuleka ukuthi lolu daba lokushushumbiswa kwamadoda akuleli, laqhunjuswa uNkosazana Zuma-Ncube, oyindodakazi kalowo owayengumengameli we-ANC uMnuz Jacob Zuma, evulela udadewabo uDuduzile Zuma-Sambudla nabanye.
