UBHEKWE NGABOMVU OWOKUBHUNGA NGODABA LWE-NGONYAMA TRUST

ISILO uMisuzulu KaZwelithini kulindeleke ukuthi sibambe umhlangano noNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, amakhosi nabathintekayo, babhunge ngodaba lweNgonyama Trust. ISITHOMBE: KZNOTP
NOMCEBO NGEMA
UBHEKWE ngabomvu umhlangano weSilo uMisuzulu KaZwelithini, wokubhunga kabanzi ngodaba lwe-Ngonyama Trust, ozoba namuhla esigodlweni eMashobeni, oPhongolo.
Lo mhlangano ulandela ukuthi ibhodi leNgonyama Trust, linikele enkantolo liyophosela inselelo isinqumo sikaNgqongqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya nokuBuyiswa koMhlaba kuzwelonke uMnuz Mzwanele Nyhontso, sokulihlakaza leli bhodi. Ibhodi leNgonyama Trust alipholisanga maseko labe selifake isicelo esiphuthumayo enkantolo liphosela inselelo isinqumo sikaNgqongqoshe.
UNgqongqoshe uMnuz Nyhontso umemezele isinqumo sokuhlakaza leli bhodi emasontweni ambalwa adlule, wathi isizathu sokuthi alihlakaze leli bhodi ukuthi sekusule amalungu alo amaningi njengoba sekusele amane kuphela.
Lo mhlangano uzohanjelwa uNdunankulu wesifundazwe uMnuz Thamsanqa Ntuli, amakhosi kanye nabanye abaningi.
