Izindaba

AWUBANGA NAZIBHELU OWOKUNXENXA ABOKUFIKA KULELI UKUBA BAGODUKE

UNgizwe Mchunu ehola umkhankaso wokunxenxa abokufika abakuleli ngokungemthetho ukuba bahambe eThekwini. ISITHOMBE : MASKANDI PRODUCTIONS

NOMZAMO MNTUNGWA

OWAYENGUMSAKAZI woKhozi FM ozibiza ngoMengameli wamabhinca, uNgizwe Mchunu, uhole imashi enokuthula ngokubambisana no Nkosikhona “Phakelumthakathi” Ndabandaba, benxenxa abokufika ngokungemthetho eNingizimu Afrika, ukuthi baphindele emazweni abo, edolobheni eThekwini kusukela ngoMsombuluko kwaze kwaba uLwesithathu.

UNgizwe uthe iNingizimu Afrika izosala ihlanzekile futhi inabantu abanamaphepha asemthethweni abagunyaza ukuba kuleli.
Ubonge bonke abaseke lo mkhankaso.

“Sibonga amaphoyisa aseThekwini athembekile ekwenzeni umsebenzi wawo ngokusivikela, ngoba lo mkhankaso uphephile kanti futhi awephuli mthetho. Asikho sodwa kulo mkhankaso njengoba uJacinta (Ngobese-Zuma) ubeyibambe ngoMsombuluko, nathi noNdabandaba,” kusho uNgizwe.
UPhakelumthakathi uthe inhloso yalo mkhankaso ukuthi abokufika abahleli ngokungemthetho bavale izitolo zabo bahambe kuleli.
” Lokhu kuzoholela ekutheni abakuleli bevule amabhizinisi abo, bakwazi ukwesekana bodwa. Laba bantu bokufika banamabhizisi kodwa abakhokhi ngisho intela, njengoba bengenawo amaphepha afanele abagunyaza ukuthi babe namabhizinisi,” kusho uPhakelumthakathi
Uphethe ngokuthi lokhu kunyusa izinga labantu abasha abangasebenzi njengoba linyuka nsuku zonke.