KUVALELEKE ABASEBENZI NGAPHANSI KUWA ISAKHIWO SESONTO

YILO leli ibhilidi ebeliyizitezi ezine eliwile eRedcliffe eThekwini. Isithombe: RUSA
NOMCEBO NGEMA
KUYAQHUBEKA ukuzama ukutakula abantu abayi-6 okubalwa nabasebenzi abawelwe isakhiwo sesonto esiyisitezi ezine eRedcliffe, eThekwini namuhla.
Ngokuthola kwaleli phephandaba kuthiwa kuwe isakhiwo sesonto kwavaleleka abantu kanye nabasebenzi abayi-7, kodwa bakwazile ukuhlenga oyedwa.
Lesi sigameko senzeke ngezithuba zabo 12:10 emini namhlanje.
Abakwa-RUSA, basiqinisekisile lesi sigameko, bathi,“Laba ayisi-6 basavalelekile abanye sixhumana nabo ngama- voice notes kaWhatsApp, “ besho.
