Uncategorised

INKOSI NEKHWELO LOKUGQUGQUZELA INTSHA KWEYAMAXHAPHOZI

UMBIKO : ANDISWA MCHUNU

INKOSI yesizwe sakwaSiqakatha ephinda ibe ngusihlalo wamakhosi kwisifunda saseMkhanyakude iNkosi uMbuso Gumede, inxuse intsha ukuthi ingaqhelelani nomkhakha wezokongiwa kwemvelo nezokuvakasha, njengoba lomkhakha udlala indima enkulu ekuthuthukiseni umnotho wezindawo ezisemakhaya.

INkosi Gumede ibingesinye sezihambeli ehambele umcimbi iGlobal Wildlife Programme, obuhlelwe yiSimangaliso Wetland Park, okuyinhlangano ebhekelele ukongiwe kwezemvelo nezindawo ezingamaxhaphozi, eMkhuze enyakatho nesifundazwe.

Lo mhlangano ohlanganise amazwe angaphandle angaphezu kwamashumi amabili, kuhloswe ngawo ukuzobhunga ngokubaluleka kokongiwa kwezemvelo nokuthuthukiswa komnotho ezinhlelweni zokuvakasha ikakhulukazi ezindaweni ezakhele iziqiwi.

“ Inyanga kaNhlangulana inyanga yentsha, lapho kufanele siqikelele ukuthi nyanga eba yingxenye yezinhlelo ezifuze lezi. Kufanele siyithekele ngolwazi nabgokubaluleka kokungena kulo mkhakha. Sifisa intsha ikwazi ukuncela ulwazi ngezinhlelo ezingayithuthukisa, ikakhulukazi kwezokuvakasha nokongiwa kwemvelo, “ isho.
Uthe ukuthuthukiswa komnotho ezindaweni ezisemakhaya kubaluleke kakhulu, yingakho kubalulekile ukuthi intsha ifundiseke ngoba yiyo abaholi bakusasa.