UKAMADLOPHA-MTHETHWA UCHOME UPHAPHE LWEGWALAGWALA UNTULI

UNGQONGQOSHE uNkk Thembeni KaMadlopha-Mthethwa ebonga uNdunankulu uMnuz Thamsanqa Ntuli, ngokuziyela mathupha ezindaweni zasemakhaya.

UNDUNANKULU uMnuz Thamsanqa Ntuli, oshayelwa ihlombe ngokubeka eqhulwini izindawo zasemakhaya. IZITHOMBE: ZITHUNYELWE
NOMCEBO NGEMA
USHAYELA ihlombe uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, ngokuqhakambisa nokubeka izindawo zasemakhaya phambili, uNgqongqoshe woMnyango wezoLimo KwaZulu-Natal uNkk Thembeni KaMadlopha-Mthethwa. UNgqongqoshe ukusho lokhu ngesonto ngesikhathi enengxoxo ekhethekile naleli phephandaba, njengoba lesi fundazwe besigubha usuku lwabantu besifazane, eJeffrey Zungu Sports Ground eXobho.
UKaMadlopha-Mthethwa uthe njengoba uNdunankulu esuke ehambela izindawo zasemakhaya, usuke efuna ukuqinisekisa ukuthi ukudla kuyakhiqizwa emakhaya, abantu basemakhaya bafuyile futhi bayanakekeleka. “Njengoba sisuke sibona uNdunankulu uMnuz uNtuli, ehambela izindawo zasemakhaya, lokho kusho ukuthi wonke umuntu okwiKhabhinethi kuyamphoqa ukuthi asukume aye kubantu. IsiZulu sithi umuntu ngumuntu ngabantu.
Nakuba abasebenzi bakahulumeni sibakhipha kwesinye isikhathi, kodwa nathi kubalulekile ukuthi siziyele mathupha kubantu ngoba asivotelwanga abasebenzi bakahulumeni kodwa savotelwa abantu,” kusho uNgqongqoshe uKaMadlopha-Mthethwa.Ube esebonga abesifazane abangu-20 000 abadela konke ngonyaka ka-1976 bamasha bamela iNingizimu Afrika. Uthe njengoba behlangene kufanele babheke ukuthi abesifazane abakhona njengamanje benzani ewumaka.
“Siyababona abantu besifazane beqhoqhobele izikhundla eziphezulu njengoba kunoDirector General (DG) besifazane, o-HOD abaqashiwe abayinqwaba babantu besifazane, oChief Director babantu besifazane, oNgqongqoshe babantu besifazane, isesiShayamthetho saKwaZulu-Natal ikhona imbokodo iningi. Lokhu kuqashwa kwabantu besifazane ezikhundleni eziphezulu kukhomba ukuthi ukhona umehluko kuleminyaka engama-70,” kuqhuba uNgqongqoshe uKaMadlopha-Mthethwa.
Echaza ngezinhlelo zokuthuthukisa abantu besifazane kumnyango awuholayo, uthe banalo uqeqesho, ukuqasha. namaprojekthi.
“Le projekthi yezimbuzi ngiyafisa ukuthi igxile kakhulu kubantu besifazane abasha. Sifuna ukubakhulisa beseminyaka eyi-18 kuya phezulu. Siphinde sibe nePhezukomkhono Women’s Awards, zonke lezinhlelo ezabantu besifazane. Njengamanje ngisempini yokuthi sibone imikhiqizo yabo iphuma iya kwamanye amazwe,” kuphetha uNgqongqoshe uKaMadlopha-Mthethwa.
