Uncategorised

ASIKHO ISINXEPHEZELO KWABADILIZELWE ENKANDLA

EMINYE imizi ediliziwe futhi miningi esazodilizwa makuqala unyaka.

IMEYA yaseNkandla uKhansela Nonhlanhla Nzuza uthi asikho isinxephezelo, salabo abebakhe imizi ngokungekho emthethweni eNkandla.

NOMCEBO NGEMA

UMASIPALA waseNkandla uthi awunazo izinhlelo ezikhona, zokwakhela imindeni edilizelwe imizi, ebiyakhiwe endaweni kamasipala ngokungemthetho.
Lokhu kuvezwe iMeya kaMasipala waseNkandla uKhansela Nonhlanhla Nzuza, ngesikhathi ebize isithangami sabezindaba emahhovisi alo masipala namuhla, ngenhloso yokuzocacisa ngemigomo elandeliwe ngaphambi kokuthi kudilizwe le mizi.
IMeya uNkk Nzuza ithi ngonyaka we-2014 umasipala wathola ukuthi kunomhlaba osetshenziswa ngokungemthetho, wabe usuwuxwayisa umphakathi futhi wawucela ukuthi ume ungaqhubeki nokwakha.
Uthi umphakathi waqhubeka nokwakha futhi nomasipala wazama ukulwisana nesimo kodwa kwanhlanga zimuka nomoya nokwaze kwawuphoqa ukuthi udlulisele udaba enkantolo.
“Lolu daba beluqhubeka kuphunywa kungenwa enkantolo, kwaze kwangenelela uMnyango wezokuBusa nokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal. Imizamo yonke yokuxoxisana nawo umphakathi kwafana nokuthi kuthelwa amanzi emhlane wedada. Kulo nyaka inkantolo ikhiphe isinqumo sokuthi laba abavela ohlwini abakhishwe, ukuze umhlaba kamasipala usale unjengoba unjalo,” kusho iMeya uKhansela Nzuza.
Uqhube wathi isikhonzi senkantolo saqhubeka nokwenza umsebenzi waso, sakhipha izixwayiso ngokuzokwenzeka kubona bonke abathintekayo, nokugcine ngokuthi bakhishwe futhi kudilizwe imizi yabo. “UMasipala waseNkandla awunazo izinhlelo zokutholela enye indawo bonke abathintekayo. Akukho izinhlelo zokubakhela ngoba baxwayiswa kodwa baqhubeka. Lo masipala unendawo encane kakhulu ngakho le ndawo ihlinzekelwe ukwakha isikhungo sezinhlekelele ngoba asinaso, ukwakhiwa kwesikhungo sezincwadi zokushayela kanye nesikhungo sokuphehla ugesi sakwa-Eskom. Okwamanje iyisi-6 imizi ediliziwe futhi miningi esazodilizwa uma kuvulwa izinkantolo makuqala unyaka,” kuphetha iMeya uKhansela uNzuza.