UNDUNANKULU UPHASISA IHLANDLA LESIBILI LIKA- MKHWANAZI

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli noLieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi. ISITHOMBE: KZNOTP
NOMCEBO NGEMA
UPHUMELE obala uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, ngokweseka uLt General Mkhwanazi, ukuthi abuye ihlandla lesibili.
UNdunankulu ukusho lokhu emhlanganweni abe nawo noMkhuzi waMaphoyisa kuzwelonke uGeneral Fannie Masemula.
Lo mhlangano ubuwenziwe ngenhloso yokubuyekeza ukuthi ubani ofanelwe ilesi sikhundla, njengoba inkontileka kaLt Gen Mkhwanazi izophela mhla zingama-30 kuNdasa, bakubeke kwacaca bha njengekati ehlungwini, ukuthi uLt Gen Mkhwanazi ukulungele ukuphinda aqhoqhobale lesi sikhundla.
Uthi uyakholelwa kubuholi bukaGeneral Mkhwanazi, ukusebenza kwakhe ngokuzikhandla ukuqeda ubugebengu esifundazweni kanye nokuziphatha kwakhe obuqotho selokhu aphatha lesikhundla.
Kuzokhumbuleka ukuthi umthethosisekelo waseNingizimu Afrika usection 207 (3) owabekwa ngonyaka ka-1996 uthi uMkhuzi waMaphoyisa kuZwelonke kufanele avumelane noNdunankulu baqoke uMkhuzi waMaphoyisa esifundazweni, isifundazwe ngasinye.
“Ubuholi bukaGeneral Mkhwanazi abuqhubeke ikakhulukazi ngalesikhathi njengoba kudingeka imizamo eqinile yokulwisana nobugebengu. Ukuzimisela emsebenzini nokuzibophezela kukaGeneral Mkhwanazi, amaphoyisa asebenza kahle futhi ayasiqonda isibophezelo okulindeleke ukuthi asebenze ngaphansi kwaso, ukuvikela abantu baKwaZulu-Natal. Ukuvuselela inkontileka kaMkhwanazi kuzobuyisa ithemba kubantu bakulesi sifundazwe, ekutheni uhulumeni uzimisele ukubavikela nokulwisana nobugebengu,” kusho uNdunankulu uNtuli.
Uqhube wathi uGeneral Nhlanhla uklama indima enkulu nebalulekile esifundazweni ukwehlisa izinga lobugebengu, okubalwa ukubulawa kosopolitiki, ukuphanga kuhlonyiwe nobunye ubugebengu obuningi.
“Ayikho into ebingangivimba ukuthi ngivume okanye ngiphasise ukuthi iphoyisa elizinikele njengoGeneral Mkhwanazi liqhubeke lenze umsebenzi walo omuhle,” kuphetha uNdunankulu uNtuli.
