UNQABE IBHEYILI UMSOLWA WESIBILI KWELOKUBULAWA KUKA-DJ WARRAS

U-ARMINDO Pacula unqabile ukufaka isicelo sabheyili enkantolo ngenxa yokusabela impilo yakhe. ISITHOMBE: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
UMSOLWA wesibili ecaleni lokubulawa kukaDj Warras, u-Armindo Pacula ongowokudabuka eMozambique, unqabile ukufaka isicelo sebheyili izolo mhla ziyi-10 kuNhlolanja ngesikhathi evele kafushane eNkantolo kaMantshi, eGoli.
Lo msolwa ucele ukususwa eSuncity ngoba ethi kukhona abantu ababulalela umngani wakhe khona, uphinde watshela inkantolo ukuthi impilo yakhe isengozini ngoba kukhona abantu abafuna ukumthulisa ngenxa yemininingwane ayaziyo mayelana naleli cala.
Ummeli ka- Armindo naye ugcizelele ukuthi kuqiniswe ezokuphepha, ngesikhathi umsolwa esalinde ukuphoswa ngemibuzo kabusha amaphoyisa.
UDj Warras wadutshulwa wabulawa enkabeni yedolobha eGoli, ngonyaka odlule mhlaziyi-16 kuZibandlela. Kwaboshwa umsolwa wokuqala uVictor Majola inkantolo eyamnqabela ibheyili.
