Uncategorised

UZINIKELE EMAPHOYISANI UXOLANI WE-SIZOK’THOLA

UXOLANI Khumalo ongumethuli wohlelo iSizok’thola ophinde abe ikhansela leqembu i-ActionSA futhi ezofolosa ngaye kwesobuMeya kuMasipala waseKurhuleni.

AMALUNGA e-ActionSA ebhikisha ngaphandle kwesiteshi samaphoyisa eKatlehong. ISITHOMBE: ACTIONSA

NOMCEBO NGEMA

UZINIKELE esiteshini samaphoyisa eKatlehong umethuli wohlelo lukamabonakude iSizok’thola uXolani Khumalo , ophinde abe ikhansela leqembu lezombisazwe i-ActionSA.

UXolani wavulelwe icala lokushaya kanzima nokukhomba ngesibhamu ngoZibandlela ngonyaka odlule.

USihlalo waleli qembu kuzwelonke
uMnuz Michael Beaumont uthi lesi sinqumo sokuzinikela namhlanje ekuseni uXolani, usithathe ngemva kwemininingwane okusolwa ukuthi iputshuke kwabakwasidlodlo eveza izinhlelo zokumbopha, mayelana nesigameko esithinta umsolwa odayisa izidakamizwa.
Uthi uXolani wasukumela phezulu ngemuva kokuzwa ngale imibiko, wahlela umhlangano namaphoyisa ukuze acacise ngezinhloso zawo.

Uphinde waveza ukuthi lolu daba lusuka emkhankasweni wamaphoyisa wangonyaka odlule eKatlehong, lapho uXolani wayekhona ngesikhathi kugaselwa emzini womuntu okusolwa ukuthi udayisa izidakamizwa.
Uveze ukuthi kwavela ukuthi amaphoyisa athola izinhlamvu ezingekho emthethweni abopha umsolwa kodwa wagcina ededeliwe engavelanga enkantolo.

“Umsolwa wabe esevulela uXolani icala lokushaya futhi amaphoyisa ayaqhubeka nalo. Umsolwa uxhumene nethimba elidayisa izidakamizwa elibandakanya amalungu angamaphoyisa. UXolani ujezela ukwenza umsebenzi ohlula amaphoyisa nezinkantolo zakuleli ngoba engafuni ukunikela ngalelizwe kwizigebengu. Esikhundleni sokuthi kuboshwe zonke izigebengu ezigcwele izitaladi zemigwaqo, babopha labo abenza umsebenzi bona abahluleka ukuwenza ngoba nabo bagcwele inkohlakalo,” uphetha ActionSA kwisitatimende.

Amalunga ayo i-ActionSA aqhinqe ngaphandle kwalesiteshi ayabhikisha afuna adedelwe uXolani njengoba ecula futhi ephethe namabhodi anemibhalo ethi “HandsOffXolani”.